Search This Blog

Saturday, 18 April 2015

UMablingo uyazifela ngokukhuluma



UKHOLELWA wukuthi wazalwa nomsakazo ekhanda lakhe uDumisani ‘Mablingo’ Zikhali (24) waseMtubatuba osakaza kwi-Zululand FM okungumsakazo ozinze eMelmoth.
Uthe ngendlela awuthanda ngayo umsakazo uyabonga namanje ukuthi abaphathi be-iZululand FM bamnikeza ithuba lokuthi afeze iphupho lakhe.
UMablingo uthi kwamcacela ukuthi uzogcina engumsakazi njengoba ekukhuleni kwakhe ubengumuntu ozifelayo ngokukhuluma, nokuthi kulalelwe yena ngaso sonke isikhathi.
“Ngesikhathi ngiqala ukujoyina umsakazo ngajoyina icora fm yaseshowe ngangingena ngo-00:00 phakathi kwamabili ngiphuma ngo-4 ezintatha nsukuzonke, angiziqhenyanga ngoba ngangazi ukuthi ngifunani. Ngabonga lokho ababenginika khona, kwakungelula kodwa ngangazi ukuthi ngifunani,” kusho uMablingo.uthi wagcina sengena ngo 12:00 kuya ku 15:00 ntambama nsuku zonke kulo  icora fm.
Uthe njengamanje futhi usangena ngo-14:30 kuya ku-17:30 ntambama kwi Zululand FM kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ohlelweni olubizwa nge-Sesiyemakhaya Afternoon Drive, nathe ukuthokozela kakhulu ukungena ngalesi sikhathi, waphinde waveza ukuthi ayikho into edlula ukubekezela.
Uthe into emchaza kakhulu ngohlelo lwakhe ukudlala ingoma ethokozelwa ngumlaleli.
“Lokho kukodwa kuyangiphilisa kungenza ngihlezi ngilangazelela ukuba semsakazweni zikhathi zonke. Into ephinde ingichaze kakhulu ukuthi uma ungumsakazi ukwazi ukuqhamuka nombono ogcina ukhulunywa abantu abaningi, uyabajabulisa futhi ngesikhathi esisodwa,” kusho uMablingo.
Uthe umsakazo uyindlela enhle nayisebenzisayo ukushintsha umphakathi waseZululand nezindawo eziseduze nakhona.
Uveze ukuthi uphinde ameme abaculi nezimbongi ukuze bakhombise ngabakwenzayo kubantu.
Uthe akuthokozelayo futhi ukuthi laba baculi nezimbongi sebeyaqashwa ngenxa yalo lolu hlelo lwakhe.
UMablingo uthe ikusasa lakhe liqhakazile emsakazweni, lokho akakungabazi kanti akazimisele ngokuduma noma ngokugxila endaweni eyodwa kuphela, ngelinye ilanga uzimisele ngokusebenzela eminye imisakazo emikhulu kodwa njengamanje usathokozile kakhulu kwi-Zululand FM.
Uveze ukuthi into emgqugquzela kakhulu ukubona impilo yabantu ishintsha iba ngcono ngamandla ohlelo lwakhe.
UMablingo uzifela ngoMzokoloko weGagasi FM kanti uma engekho emsakazweni uzilalelela iR&B nabangani bakhe, kodwa bathanda le eyakudala.ubuye wakuveza ukuthi neDeep House kanjalo ne Hip Hop iyambusisa
Uphinde azithandele i-Orlando Pirates nathe ayimphuthi imidlalo yayo.
“Ekhaya sibane kodwa abazali bami abasekho, ukhona umuntu engithandana naye, ngingakucacisa nje ukuthi ungowesifazane kwazise eMzansi sekwamukelekile ukuthandana kwabantu bobulili obubodwa,” kuphetha uMablingo.

No comments:

Post a Comment