Abameli bafuna kube semthethweni ukuqwayiza
2015-04-17 16:01
San Francisco – Abameli abamele amayengandoda bathi bafuna iCalifornia ikwenze kube semthethweni “ukudayisa ngesithelo”, khona lo msebenzi uzokwenziwa ngokukhululeka.
Laba bafaka amaphepha enkantolo ngoMashi 4 befuna kusulwe umthetho okwenza kube yicala ukudayisa ngocansi eCalifornia, eMelika.
Bathi lokhu kuyaphambana noMthethosisekelo futhi kukhubaza amalungelo abantu.
OLUNYE UDABA: Nakhu okuwinisa abaqwayizi besilisa
La maphepha aqhuba ngokuthi ukwenziwa kube yicala ukudayisa ngomzimba kufinyeza amalungelo abaqwayizi okusebenza.
“Ilungelo labantu abadala lokwenza ucansi bevumelene kumele lingahlukunyezwa,” kuqhuba la maphepha.
La maphepha afakwe enkantolo eseSan Francisco, yi-Erotic Service Providers Legal, Education and Research Project.
- AP
lafa elihle kakhulu ngeke lol
ReplyDeleteyohhhhhh no
ReplyDelete